UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa. Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo; wena ukhona kwaphakade. Imifula iphakamisile, Jehova, imifula iphakamisile ukuholoba kwayo; imifula iphakamisa ukuduma kwayo. UJehova ophakeme unamandla kunokuholoba kwamanzi amaningi, kunokuduma kwamadlambi olwandle. Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu. Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova, kuze kube phakade.
Funda AmaHubo 93
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 93:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo