AmaHubo 78:1-39

AmaHubo 78:1-39 ZUL59

Zwanini, bantu bami, umthetho wami, nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami. Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso, ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo. Esikuzwileyo sakwazi, nawobaba abasitshela khona, asinakukufihla kubantwana babo, izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo, namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo. Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe, wabeka umthetho kwa-Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo, ukuze isizukulwane esilandelayo sazi, abantwana abayakuzalwa, bavuke, batshele abantwana babo, babeke ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe. Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu. Abantu bakwa-Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo, babuyela emuva ngosuku lokulwa. Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba emthethweni wakhe, bakhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe abebabonisile zona. Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani. Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa; wamisa amanzi njengodonga. Wabahola ngefu emini, nobusuku bonke ngokukhanya komlilo. Waqhekeza amadwala ehlane, wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo. Waphumisa edwaleni izifufula, wehlisa amanzi njengemifula. Nokho baqhubeka benza ukona kuye, baphambana noPhezukonke ehlane. Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla abakufisayo. Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi: “UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na? Bhekani, washaya idwala, kwaphuma amanzi, nemifula yampompoza; kepha angabanika nesinkwa, alungisele abantu bakhe inyama, na?” Ngalokho uJehova ekuzwa lokho wathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe, ulaka lwavuka ngo-Israyeli; ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu, abathembanga ensindisweni yakhe. Nokho wayala amafu phezulu, wavula iminyango yezulu, wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla, wabapha amabele ezulu; abantu badla isinkwa sezingelosi, bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo. Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini; ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu. Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli, nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle. Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo naphakathi kwezindlu zabo. Badla, basuthiswa kakhulu; baphiwa abakufisayo. Bebengakahlukani nokufisa kwabo, ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo, intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela, wabulala abakhulupheleyo babo, wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli. Nokho bona njalo, abakholwanga yizimangaliso zakhe. Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni. Lapho ebabulala, bamfuna; babuye bamfunisisa uNkulunkulu. Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo; uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo. Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo; ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye, bengathembekile esivumelwaneni sakhe. Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe. Wakhumbula ukuthi bayinyama, bangumoya odlulayo ongabuyiyo.