AmaHubo 71:1-4

AmaHubo 71:1-4 ZUL59

Jehova, ngiyethemba wena; mangingajabhi naphakade. Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise; beka indlebe yakho kimi, ungisindise. Yiba kimi idwala lokuhlala, ukuze ngiye kulo njalonjalo; ukuyalezile ukusindiswa kwami, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami. Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni somubi, esandleni songalungile nesonakeleyo.