AmaHubo 69:16-36

AmaHubo 69:16-36 ZUL59

Ngiphendule, Jehova, ngokuba umusa wakho ulungile; uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu. Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho, ngokuba ngiyahlupheka; shesha ungiphendule. Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami. Wena uyakwazi ukuthukwa kwami, namahloni ami nokudunyazwa kwami; zonke izitha zami ziphambi kwakho. Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami, ngigula kakhulu; bengibheka ukuhawukelwa, kepha akwabakho, nabaduduzayo, kepha angibatholanga. Banginika inyongo ibe ngukudla kwami; ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga. Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo, libe lugibe kwabahlezi bezithulele. Amehlo abo mawafiphale, ukuze bangaboni; izinkalo zabo zintengezele njalo. Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho; intukuthelo yakho evuthayo mayibafice. Umuzi wabo mawuchitheke; makungabikho ohlala ematendeni abo. Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela, baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho. Yengezela ukona ekoneni kwabo; mabangezi ekulungeni kwakho. Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo. Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu; insindiso yakho, Nkulunkulu mayingilondoloze. Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu, ngimphakamise ngokubonga. Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo, kunenkunzi enezimpondo nezinselo. Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule; nina enifuna uNkulunkulu, inhliziyo yenu mayiphile. Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, neziboshwa zakhe akazideleli. Uyakubongwa yizulu nomhlaba, yizilwandle nakho konke okuphila kuzo. Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni, akhe imizi yakwaJuda; bazakuhlala khona, ibe yifa labo. Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa; abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.