Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhulu ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho. Ngikhiphe odakeni, mangingashoni; mangisindiswe kubo abangizondayo, nasemanzini alutwa. Isikhukhula samanzi masingangicwilisi, utwa lungangigwinyi, umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo. Ngiphendule, Jehova, ngokuba umusa wakho ulungile; uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu. Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho, ngokuba ngiyahlupheka; shesha ungiphendule. Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.
Funda AmaHubo 69
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 69:13-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo