AmaHubo 69:1-15

AmaHubo 69:1-15 ZUL59

Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi afikile emphefumulweni. Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa. Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile; amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami. Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami; baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici; nengingakuphanganga ngakubuyisela. Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami, nezono zami azifihlakele kuwe. Mabangajabhiswa ngami abakulindeleyo, Nkosi Jehova Sebawoti; mabangahlazeki ngami abakufunayo, Nkulunkulu ka-Israyeli. Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho; ihlazo lisibekela ubuso bami. Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame. Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; izithuko zabakuthukayo zingehlele. Ngakhala, umphefumulo wami wazila; kwaba ngukudunyazwa kwami. Isaka ngalenza isambatho sami; ngaba yisaga kubo. Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya. Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu; ngenxa yomusa wakho omkhulu ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho. Ngikhiphe odakeni, mangingashoni; mangisindiswe kubo abangizondayo, nasemanzini alutwa. Isikhukhula samanzi masingangicwilisi, utwa lungangigwinyi, umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.