AmaHubo 68:7-10

AmaHubo 68:7-10 ZUL59

Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho, ekudabuleni kwakho ihlane, Sela* umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli. Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selahlulekile, waliqinisa. Ibandla lakho lakha kulo; ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 68:7-10