AmaHubo 68:28-31

AmaHubo 68:28-31 ZUL59

UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho; qinisa, Nkulunkulu, lokho ozenzela khona. Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema amakhosi ayakukulethela izipho. Zikhuze izilwane zasemhlangeni, umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu, azithobise phansi ngezinqamu zesiliva; uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa. Izikhulu ziyakuvela eGibithe; amaKushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu.