AmaHubo 66:10-20

AmaHubo 66:10-20 ZUL59

Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva. Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu. Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni. Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni. Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela* Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami. Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami. Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi. Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami. Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 66:10-20