Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho, ngahlulele ngamandla akho. Nkulunkulu, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe emazwini omlomo wami. Ngokuba abafo bangivukele; izidlova zifuna umphefumulo wami; azimbekile uNkulunkulu phambi kwazo. Sela* Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami; iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami. Uyabuyisela okubi ezitheni zami; zibhubhise ngokweqiniso lakho. Ngizakunikela kuwe ngesihle; ngizakulibonga igama lakho, Jehova, ngokuba lihle. Ngokuba ungikhululile ekuhluphekeni konke; neso lami libuka izitha zami, lidele.
Funda AmaHubo 54
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 54:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo