Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo. Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho. Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni. Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo. Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa. Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo. Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi. Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele. Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo.
Funda AmaHubo 51
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 51:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo