Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe. Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele phakathi kwami; ngakho-ke ngikhumbula wena ezweni laseJordani, nakwelamaHermoni, nasentabeni yaseMisari. Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho; onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami. Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.
Funda AmaHubo 42
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 42:5-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo