AmaHubo 36:5-10

AmaHubo 36:5-10 ZUL59

Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova. Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho. Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho. Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya. Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo, nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.