AmaHubo 34:11-14

AmaHubo 34:11-14 ZUL59

Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge.