AmaHubo 34:10-22

AmaHubo 34:10-22 ZUL59

Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge. Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo. Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala. UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 34:10-22