AmaHubo 34:1-7

AmaHubo 34:1-7 ZUL59

Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule. Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha. Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.