AmaHubo 33:10-22

AmaHubo 33:10-22 ZUL59

UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu. Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane. Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova, isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe. UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu. Esendaweni lapho ehlala khona uyababuka bonke abakhileyo ezweni, yena owadala izinhliziyo zabo bonke, oqaphela zonke izenzo zabo. Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso. Ihhashi liyize ekusindiseni, alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo. Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe, ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni. Umphefumulo wethu ulindela uJehova; ungukusiza kwethu nesihlangu sethu. Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele. Umusa wakho, Jehova, mawube phezu kwethu, njengalokhu sithemba wena.