AmaHubo 30:8-12

AmaHubo 30:8-12 ZUL59

Ngakhala kuwe Jehova; nganxusa kuJehova, ngathi: “Kukhona nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na? Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi; Jehova, yiba ngumsizi wami.” Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula, ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 30:8-12