AmaHubo 30:1-3

AmaHubo 30:1-3 ZUL59

Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami. Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa. Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.