AmaHubo 18:1-19

AmaHubo 18:1-19 ZUL59

Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo. Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. Izintambo zokufa zangizungelezela, izikhukhula zokona zangethusa. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe. Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye. Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; washweza ngamaphiko omoya. Ubumnyama wabenza isisibekelo, idokodo lakhe elimphahlayo; amanzi amnyama, amafu anzima. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe amafu akhe abanga phambili, isichotho namalahle avuthayo. UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo. Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa. Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho. Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi. Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile. Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. Wangiphumisela endaweni ebanzi; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.