AmaHubo 148:13-14

AmaHubo 148:13-14 ZUL59

Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu. Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe, abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Haleluya!