AmaHubo 139:3-16

AmaHubo 139:3-16 ZUL59

Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo. Ungizungezile ngasemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho. Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na? Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,” ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya. Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame. Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba. Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.