AmaHubo 139:2-4

AmaHubo 139:2-4 ZUL59

Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo.