AmaHubo 123

123
Umkhuleko wocela ukusizwa ezidelelini
Igama lokukhuphuka.
1 Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami,
wena ohlezi ezulwini.
2Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo,
namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo,
kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu,
aze abe nomusa kithi.
3Sihawukele, Jehova sihawukele,
ngokuba sesidiniwe kakhulu ngukudelelwa.
4 Umphefumulo wethu udiniwe kakhulu
ngukweyisa kwabaziqhenyayo nokudelela kwabazidlayo.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 123: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume