AmaHubo 119:97-136

AmaHubo 119:97-136 ZUL59

Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo. Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade. Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho. Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho. Ezahlulelweni zakho angichezuki, ngokuba wena uyangifundisa. Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami. Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina. Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho. Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izahlulelo zakho: Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho. Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo, yebo, kuze kube sekupheleni. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho. Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami. Ngisekele, ngize ngisindiswe, ngibheke njalo izimiso zakho. Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize. Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho. Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho. Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami. Mela inceku yakho kube kuhle; abazidlayo mabangangicindezeli. Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga. Ubufakazi bakho buyisimangaliso; ngalokho umphefumulo wami uyabugcina. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela, ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho. Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho. Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi. Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho. Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 119:97-136