AmaHubo 119:72-107

AmaHubo 119:72-107 ZUL59

Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva. Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho. Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho. Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka. Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho ngokwezwi lakho. Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho. Mabaphendukele kimi abakwesabayo nabaziyo ubufakazi bakho. Inhliziyo yami mayiphelele ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi. Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho. Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?” Nginjengemvaba emsini; izimiso zakho angizikhohlwa. Zingaki izinsuku zenceku yakho? Uzakubahlulela nini abangizingelayo na? Abazidlayo bangimbela imigodi, bona abaphambene nomthetho wakho. Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngamanga; ngisize. Bacishe bangiqeda emhlabeni, kepha angishiyanga iziyalezo zakho. Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho. Kuze kube phakade, Jehova, izwi lakho limi liqinile ezulwini. Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi. Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho. Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami. Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo. Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho. Ababi bahlalele ukungibhubhisa, kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke, kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu. Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo. Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade. Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho. Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho. Ezahlulelweni zakho angichezuki, ngokuba wena uyangifundisa. Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami. Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina. Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 119:72-107