UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho. Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho.
Funda AmaHubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 119:57-64
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo