AmaHubo 119:121-128

AmaHubo 119:121-128 ZUL59

Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami. Mela inceku yakho kube kuhle; abazidlayo mabangangicindezeli. Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 119:121-128