Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke, abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe; wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela. Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho. Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho. Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. Izimiso zakho ngiyakuzigcina; ungangishiyi nakanci. Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho. Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo. Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho. Yenzele okuhle inceku yakho ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho. Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho. Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho. Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami; inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami. Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngimemezele izindlela zami, wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho. Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho. Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho. Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami. Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Jehova. Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami.
Funda AmaHubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 119:1-32
2 Weeks
Jesus Himself said anyone who loves Him will obey His teaching. No matter what it costs us personally, our obedience matters to God. The "Obedience" reading plan walks through what the Scriptures say about obedience: How to maintain a mindset of integrity, the role of mercy, how obeying frees us and blesses our lives, and more.
30 Days
Have you ever wondered, “Is it possible to experience joy in all seasons of life?” Carol McLeod believes that God has an enormous joy for you that is within your reach. In this devotional, you will discover how to trust God when life isn’t fair, how to ponder Scripture that transforms your thinking and how to turn disappointment into a heart that rejoices in the middle of uncertainty.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo