AmaHubo 110

110
INkosi yaseSiyoni ingumpristi ngendlela kaMelkisedeki
ElikaDavide. Ihubo.
1 UJehova wathi eNkosini yami:
“Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”
2 Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni;
busa wena phakathi kwezitha zakho.
3 Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho;
ebuhleni bobungcwele abasha bakho
bavela njengamazolo esizalweni sokusa.
4 UJehova ufungile engayikuguquka, wathi:
“Wena ungumpristi kuze kube phakade
ngendlela kaMelkisedeki.”
5INkosi ingakwesokunene sakho;
iyakuchoboza amakhosi ngosuku lwentukuthelo yayo.
6 Iyakwahlulela phakathi kwabezizwe,
kugcwale izidumbu,
ichoboze amakhanda ezizweni eziningi.
7Iyakuphuza emfuleni ngasendleleni;
ngalokho iyakuphakamisa ikhanda.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 110: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume