AmaHubo 104:31-34

AmaHubo 104:31-34 ZUL59

Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade; uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe, yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe. Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami; ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona. Ukuzindla kwami makube mnandi kuye; mina mangithokoze kuJehova.