IzAga 9:1-12

IzAga 9:1-12 ZUL59

Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa. Kuhlabile umhlatshelo, kuvubele iwayini lakho; futhi kulungisile itafula lakho. Kuthumile izintombi zakho, kuyamema emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi: “Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo kuthi: “Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo. Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda. “Osola isideleli uzithathela inhlamba; othethisa omubi uzitholela isisihla. Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde; thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda. Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha; fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni. “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova, nokumazi oNgcwele kungukuqonda. Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe. Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma udelela, uyakukuthwala wena wedwa.”

Funda IzAga 9

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzAga 9:1-12