Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa. Kuhlabile umhlatshelo, kuvubele iwayini lakho; futhi kulungisile itafula lakho. Kuthumile izintombi zakho, kuyamema emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi: “Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo kuthi: “Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo. Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda. “Osola isideleli uzithathela inhlamba; othethisa omubi uzitholela isisihla. Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde; thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda. Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha; fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni. “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova, nokumazi oNgcwele kungukuqonda. Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe. Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma udelela, uyakukuthwala wena wedwa.”
Funda IzAga 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzAga 9:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo