“UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe ngaphambi kwemisebenzi yamandulo. Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni, umhlaba ungakabikho. Lungakabikho utwa ngazalwa, ingakabikho imithombo egcwele amanzi. Zingakasekelwa izintaba, namagquma engakabikho, ngazalwa, engakawenzi umhlaba namasimu, nokuqala kothuli lwezwe. Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona, nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa. Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine, nemithombo yotwa iphuphume ngamandla, lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba, khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke, ngijabula ezweni lomhlaba wakhe, intokozo yami ikanye namadodana abantu. “Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami. Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi. Ubusisiwe umuntu ongizwayo, elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami. Ngokuba ongifumanayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova. Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”
Funda IzAga 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzAga 8:22-36
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo