IzAga 4:20-27

IzAga 4:20-27 ZUL59

Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami. Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho, ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo. Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. Susa kuwe ukuphambana komlomo, nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe. Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho. Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane, ziqine zonke izindlela zakho. Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo; chezukisa unyawo lwakho ebubini.

Funda IzAga 4

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzAga 4:20-27