IzAga 31:1-9

IzAga 31:1-9 ZUL59

Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina. “Yini, ndodana yami, yini, ndodana yesizalo sami, yini, ndodana yezithembiso zami, na? Unganiki abesifazane amandla akho, nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi. “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla, funa baphuze, bakhohlwe izimiso, baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka. Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla nomunyu enhliziyweni iwayini. Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esakhumbula usizi lwakhe. “Sivulele isimungulu umlomo wakho, umele bonke abantwana abayizintandane. Vula umlomo wakho, wahlulele ngokulunga, umele abahluphekayo nabampofu.”

Funda IzAga 31