Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami, ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula. Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho, ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho. Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uJehova, udede ebubini. Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho, izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha. Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova, ungakhathazeki ngokusola kwakhe. Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo.
Funda IzAga 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzAga 3:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo