IzAga 27:23-27

IzAga 27:23-27 ZUL59

Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho, ubeke inhliziyo yakho emihlambini yakho. Ngokuba ingcebo ayiyikuhlala kuze kube phakade; umqhele uyahlala izizukulwane ngezizukulwane na? Lapho utshani bumuka, nohlaza lubonakala, nemifino yezintaba ibuthwa, kukhona izimvu zokuba wembathe, nezimpongo ukuba zibe yintengo yomhlaba. Kuyakuba khona ubisi lwezimbuzi olwanele ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho, nokuphila kwamantombazana akho.

Funda IzAga 27