IzAga 26:17-23

IzAga 26:17-23 ZUL59

Odlula nje ehlanganyela ukuxabana okungesikho okwakhe unjengobamba inja ngezindlebe zayo. Njengohlanya oluphonsa izikhuni nemicibisholo ebulalayo, unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe, ethi: “Angithi ngintelile nje na?” Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka, nalapho kungekho abancethezi, kuyabodla ukuxabana. Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni, unjalo umuntu ophikisa ukuvusa inkani. Amazwi omncethezi anjengesibiliboco: ayehlela kokuphakathi komuntu. Izindebe ezishisayo nenhliziyo embi kunjengesitsha sebumba esinamekwe ngamanyela esiliva.

Funda IzAga 26