IzAga 2:6-9

IzAga 2:6-9 ZUL59

Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala, egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe. Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela, neqiniso, yebo, nezindlela zonke ezinhle.

Funda IzAga 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzAga 2:6-9