IzAga 2:3-10

IzAga 2:3-10 ZUL59

yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala, egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe. Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela, neqiniso, yebo, nezindlela zonke ezinhle. Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.

Funda IzAga 2

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo