KwabaseFilipi 2:5-11

KwabaseFilipi 2:5-11 ZUL59

Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo