KwabaseFilipi 2:19-24

KwabaseFilipi 2:19-24 ZUL59

Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu. Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho; ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu. Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise. Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi; kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane.