KwabaseFilipi 1:1-13

KwabaseFilipi 1:1-13 ZUL59

OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:* Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Ngiyambonga uNkulunkulu wami ekunikhumbuleni kwami konke ngezikhathi zonke ekunxuseni kwami konke ngani nonke, nginxusa ngokuthokoza, ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje; ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu, njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni. Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu. Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke, ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu, nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu. Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli, kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseFilipi 1:1-13

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo