UNumeri 19

19
Isithole esibomvu
1UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: 2“Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayalile ngaso ukuthi: ‘Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, singenansolo, okungazange kubekwe ijoka phezu kwaso, 3 nisinike u-Eleyazare umpristi, yena asikhiphele ngaphandle kwekamu,* sihlatshwe phambi kwakhe; 4 u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe, afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso, 5 isithole sishiswe phambi kwakhe, isikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe; 6 umpristi uyakuthabatha umsedari,* nehisopi,* nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole. 7Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu,* umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe. 8Osishisayo uyakuhlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
9 “ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, awubekele ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo, ugcinelwe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuphothula; kungumnikelo wesono. 10Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; kuyakuba yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwabo.
11“ ‘Othinta isidumbu somuntu uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. 12Uyakuziphothula ngawo ngosuku lwesithathu, nangosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka; kepha uma engaziphothuli ngosuku lwesithathu, akayikuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa. 13Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angaziphothuli, uyangcolisa itabernakele* likaJehova; lowo muntu uyakunqunywa ku-Israyeli, ngokuba amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; uyakuba ngongcolile; ukungcola kwakhe kuse kuye.
Amanzi okuphothula
14“ ‘Nanku umthetho, uma umuntu efela etendeni: yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa. 15Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.
16“ ‘Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba, noma isidumbu, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.
17“ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo ayakuthelwa kanye nawo esitsheni, 18umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisopi,* aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende, nezitsha zonke, nabantu ababelapho, nowathinta ithambo, noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna, 19umuntu ohlambulukileyo amfafaze ongcolileyo ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amphothule ngosuku lwesikhombisa, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa. 20Kepha umuntu ongcolayo engaziphothuli, lowo muntu uyakunqunywa phakathi kwebandla, ngokuba ungcolisile indlu engcwele kaJehova; amanzi okuphothula akafafazwanga ngawo; ungcolile. 21Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; ofafaza amanzi okuphothula uyakuhlanza izingubo zakhe, nothinta amanzi okuphothula uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe. 22Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UNumeri 19: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume