UNehemiya 6:15-16

UNehemiya 6:15-16 ZUL59

Ugange lwaphela ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga ka-Eluli ngezinsuku ezingamashumi ayisihlanu nambili. Kwathi lapho zonke izitha zikuzwa lokho, abezizwe bonke abasizungezayo, besaba, bayetha, ngokuba baqonda ukuthi lowo msebenzi wawenziwe nguNkulunkulu wethu.