UNehemiya 2:11-16

UNehemiya 2:11-16 ZUL59

Ngase ngifika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu. Ngavuka ebusuku, mina nabantu abathile abayingcosana; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso. Ngaphuma ngeSango Lesigodi ebusuku, ngaya eMthonjeni kaDrako* naseSangweni Lomquba, ngabuka izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo. Ngase ngikhuphukela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kepha kwakungekho ndawo yokuba kudlule isilwane engangiphezu kwaso. Ngangikhuphula umfudlana ebusuku, ngabuka ugange, ngaphenduka, ngangena ngeSango Lesigodi, ngaphindela emuva. Ababusi babengazi lapho ngangiye khona nengikwenzileyo; futhi ngangingakabatsheli abaJuda, nabapristi, nabakhulu, nababusi, nabanye ababewenza umsebenzi.