NgokukaMarku 5:9-13

NgokukaMarku 5:9-13 ZUL59

Wayesembuza ethi: “Ngubani igama lakho?” Wathi kuye: “NginguLegiyona* igama lami, ngokuba sibaningi.” Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe. Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile. Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.” Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.