Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa. Esephume emkhunjini, kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo. Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga; ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga, kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe, kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa. Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe. Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye; wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.” Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.”
Funda NgokukaMarku 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 5:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo