Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela. Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela. Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”
Funda NgokukaMarku 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 2:14-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo