NgokukaMarku 15:21-41

NgokukaMarku 15:21-41 ZUL59

Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe. Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda. Amnika iwayini elixutshwe nemure;* kepha akalamukelanga. Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani. Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni. Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi: INKOSI YABAJUDA. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe. Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: “Wabalwa kanye naboni.” Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu; zisindise, wehle esiphambanweni.” Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena. UKristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” Nababebethelwe kanye naye bamdumaza. Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Bheka, ubiza u-Eliya.” Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.” UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa. Khona isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi. Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo, yathi: “Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.” Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome ababemlandela eseseGalile, bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo